1. OBaba bethu, NkosiBasizwa nguwe;Sithemba kuwe nathi,Usivikele.
2. Ziningi izivungu,Zisisongela:Wosiphephisa kuzo,Ngengalo yakho.
3. Wasitha abangcwele,Bacasha ngawe.Sebekhosel’ekhaya,Sisithe nathi.
4. Imnyaka yaphakade,Ifana kuwe.Nemini yayizolo.Sekusa futhi.