1. Zidalwa zonke zakhe,
Hlabelelani nathi,
Aleluya, Aleluya!
Langa obus’ emini,
Nenyanga yaku sihlwa,
Nimbonge uJesu.
Aleluya! Aleluya! Aleluya!
2. Wena sivungu vungu,
Nawe, sibhakabhaka,
Nimbabaze, Aleluya!
Thokoza wena, kusa,
Ncincani, zinkanyezi,
Nimbonge uJesu.
Aleluya! Aleluya! Aleluya!
3. We! mame ongumhlaba,
Osivezel ukudla,
Umbabaze, Aleluya!
Zimbali nezithelo,
Vezan’ udumo lwakhe,
Nimbonge uJesu.
Aleluya! Aleluya! Aleluya!
4. Bongani bantu nonke,
Eninomusa wakhe,
Hubanini, Aleluya!
Nibonge iNdodana,
NoYise nay’ uMo’ya,
Nimbonge nimbonge,
Aleluya! Aleluya! Aleluya!